The Transformative Power of God’s Mercy
SIBONGILE
KWABASE-EFESU 2:1-5
"NGOMUSA KANKULUNKULU SISINDISIWE"
"Nani nanifle ngenxa yeziphambeko nezono zenu, lezi enanikade nihamba kuto ngokwendlela yalelilizwe, ngokombusi wamandla omkhati, ongumoya osebenza kubantwana bokungalaleli, esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intanto yenyama eyonakeleyo nemicabango, sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye. Kephe uNkulunkulu ecebile ngeSIHAWU ngenxa yoTHANDO lwake olukhulhu asithanda ngalo, nalapho sasifle ngenxa YEZIPHAMBKEKO wasiphilisa kanye noKristu- NGOMUSA SISINDISIWE."
My Life Motto:
"Bloom where you are planted."
THEME:
Impilo yama Kristu kufanele ikhombise ukuthi bangabantwana bakaNkulunkulu abaphansi kobuholi buka Jesu Kristu
Key Takeaways:
- UNkulunkulu wasiphilisa NGOMUSA wakhe.
- UNkulunkulu wasenzela lomsenzi womusa ongaka ngoba ecebile NGESIHAWU.
- Inhliziyo kaSimakade igcwele UMUSA.
- Umusa kaSimakade UYAGQIBA ZONKE IZONO.
- UNkulunkulu wasenzela lomusa ongaka ngenxa YOTHANDO.
- Wasithanda SIBABI, wasifela SIYIZONI.
Imisebenzi yethu yemvelo yokona isenze saba izitha noSimakade ("Nani ekade ningabafokazi NEZITHA engqondweni ngemisebenzi emibi. Kol1:21). Uthando uSimakade asithanda ngalo ngempela LUBANZI futhi LUJULILE, lunamandla okusikhhipha kunoma uluphi ubishi lwezono.